Ngiphakamisela Izandla Zami Kuwe (Umkhuleko)

Asiphakamise izandla zethu ezingcwele eNkosini. Amen? Ngakho Baba siphakamisa izandla zethu kuwe. Sonke ngabanye. Umfowethu eceleni kwami uphakamise izandla, nodadewethu uphakamise izandla. Ngicabanga ngozalo lwabakhethekileyo nabahle. Abalalelayo. Ubuhle bokulalela okusibeke kulendawo. Ngiphakamisa izandla ngicabanga ngomnikelo wabafowethu nodadewethu abasandulela , abaqondana ngqo nolaka lwesitha, banikela ngokuphila kwabo, bopha igazi usenzela indlela yokuphila esesihamba kuyo namhlanje. Ngiyabakhumbula, ngisaphakamisa izandla zami. Ngikhumbula okwangibumba, kwangenza engiyikho namhlanje. Izwi elimemeza ngokuzimisela nangokuzinikela nokulalela. Iminyaka neminyaka. Izizukulwane nezizukulwane. Okusenzele indlela ephakemeyo esikuyo namhlanje.

Ngiyakubonga ngokuthembeka okumileyo. Nokuzimisela ukusakha usikhuthaza nokuthumela uMoya waKho ezinhliziyweni zabantu. Siyabonga. Siyabonga ngoba izinhliziyo zethu zivuke zaHUBA. Ngibonga ngoba ngiphakathi kwabafowethu ukukhanya kungifikele emqondweni, nomphefumulo, nomoya, ngisalalele iphimbo labaholi bami. Ngisalalele okushiwo nguMoya Oyingcwele ngisabheke ubuso bukaNkulunkulu. Kujulile kakhulu kuhle.

Ngokukubheka nje ngiba umuntu ongcono, ngokukubheka nje Baba. Ngokukubheka inhliziyo yaKho, kungenza indoda engcono, kungenza umuntu ongcono, futhi ngiyabonga. Ngiyabonga ngokungigcina, ngiyabonga ngokungihola, ngokubeka isandla phezu kwami. Ngiyabonga ngokunginika ukuphila, ngiyabonga ngesineke ekungifundiseni. Ngiyabonga ngokungihola ungikhipha ebuwuleni ungiyisa ekuhlakanipheni, ngiyabonga ngokungikhipha ebuthakeni, unginika amandla, ngiyabonga ngokususa ukungabaza wanginika ukukholwa. Ngiyabonga ngokungikhipha ekufeni wanginika ukuphila okungunaphakade, ngiyabonga ngokungikhipha ekubeni ngedwa wangifaka kulombutho obabazekayo. Ngiyabonga ngokungikhipha ekudukeni wanginika uhambo. Ngiyabonga. Ngiyabonga Nkulunkulu. Ngiyabonga ngokungidala, ngokungigcoba. Ngiyabonga ngokungithuma. Ngiyabonga ngokungikhetha. Ngiyabonga ngokungihola. Ngiyabonga. Ngiyabonga. Ngiyabonga ngezimpi, ngiyabonga ngokunqoba, ngiyabonga ngokungivivinya. Ngiyabonga ngendawo enzima engidlule kuyo. Ngiyabonga ngakho konke, ngawo wonke umzuzu, ngezikhathi zonke, ezindaweni zonke lapho isandla saKho sithinta impilo yami, ngithi Ngiyabonga. Ngiyabonga Nkosi. Ngiyabonga Nkosi.