Phakade

[Vesi 1]

Ungamandla
Sihlangu sam’
Neqholo lam’
Ngethembele kuWe
Ntokozo yam’ s’phephelo sam’

[Khorasi 1]

Ngiya k’babaza phakade
Ngiyak’dumisa, ngiyak’dumisa
Ng’yakubabaza
Ngiyak’dumisa, ngiyak’dumisa

[Vesi 2]

Qiniso lam’
Uyangihola
USomandla
Engimazisayo
Ng’yakubonga ng’yakutusa

[Khorasi 1]

Ngiya k’babaza phakade
Ngiyak’dumisa, ngiyak’dumisa
Ng’yakubabaza
Ngiyak’dumisa, ngiyak’dumisa

[Khorasi 2]

Ng’yakuphakamisa
Ngiyak’dumisa, ngiyak’dumisa
Ng’yakubabaza
Ngiyak’dumisa, ngiyak’dumisa

[Umkhuleko]

Okuningi esikwenzayo kokhawuka. Indumiso yakho yoba phakade, Amen, kodwa somdumisa ingunaphakade. Uma sidumisa, silingisa okwephakade. Konke okusemqondweni wethu manje

kokhawuka, kophela, kepha indumiso yoma phakade. Amen. Sohlale siphakamisa izinhliziyo zethu kuYe ingunaphakade. Uma simdumisa, kungathi sithi: ‘Siyawala umhlaba. Sala isikhathi. Sala ukufa. Siyakwala ukubhubha. Kumanje ezinye izinto zingunaphakade kithinina bantu. Futhi indumiso yakho yoqhubeka ingunaphakade!

[Khorasi 3]

Siya k’babaza phakade
Siyak’dumisa, siyak’dumisa
S’yakubabaza
Siyak’dumisa, siyak’dumisa
S’yakuphakamisa
Siyak’dumisa, siyak’dumisa
S’yakubabaza
Siyak’dumisa, siyak’dumisa