Sithume (Umkhuleko)

UyiSabatha lami. Ungukuphumula kwami. Ungukuphela kohambo lwami. Sinike ugqozi sinike Amandla aKho. Esikucela ngalesisikhathi ukuthi usithume. Sithume, sithume. Akusiso isikhathi sokuphumula. Sithume. Sekuyisikhathi samandla, sithume Nkulunkulu. Esikucelayo kuphela ukuthi Usithume, asiceli ukuphumula, sophumula uma sesifike kuWe. Isililo sethu ukuthi usithume senze intando yaKho.

Sithume. Sithume. Sithume kabusha. Sithume njenge bandla. Sithume sihambisana. Sithume silungiselelwe ikusasa. Sithume nokukhanya nokuqonda, nolwazi namandla. Sithume siphelele. Sithume ngobungcwele, ngokuzimisela. Ngokumsulwa kugcwele ezinhliziyweni zethu.

Sithume singenakona,nasigwegwe. Sithume simsulwa singcwele. Oh sithume. Oh sithume. Sikhiphe ngamandla akho amakhulu siqonde kwikusasa.

Lungisa izinhliziyo zabesilisa nabesifazane. Hlomisa izinhliziyo zethu ngokuthula. Sithume ngentokozo. Umsebenzi awusenelise. Lo msebenzi omkhulu awuveze ukwaneliseka ezinhliziyweni zethu, nokukulangazelela kakhulu. Ilena imikhuleko yethu. Ilokhu ukukhala kwezinhliziyo zethu. Ilezizinto ezibalulekile esiziphakamisela kuWe.

Yizwa imikhuleko yethu. Yizwa ukukhala kwabantu bakho

Sikhuleka ngokwentando yakho. NgePhethini yeNkosi yethu.

Siyabonga Nkulunkulu. Siyabonga Nkulunkulu. Siyabonga Nkosi, Siyabonga Jesu.