Siyakudumisa

[Umkhuleko]

Siyakudumisa, siyakubusisa, futhi siyakutusa. Siphakamisa izandla zethu kuWe njengobaba bethu, okhokho bakudala. Baphakamisa izandla zabo ezingcwele kuWe Somandla Nkulunkulu, njengokusho kuka mfwethu uHabakuki eminyakeni ngeminyaka edlule ethi, “ Ngiyakwethaba, ngiyakwethaba., Wena Somandla Nkulunkulu Ungamandla ami” . Ungamandla kamfowethu. Wenza izinyawo zami zime njengendluzela, Uyangiqinisa, ungikhweza ezindaweni eziphakemeyo.

Kusukela manje kuya phambili siyaqhubeka siphakamisa amehlo ethu, siyavuka, futhi sihamba enkazimulweni enguWe, sibusisa igama laKho elingcwele.

Siyabonga ngezwi LaKho. Siyabonga ngokusiqeqesha nokusifundisa. Akuthi izwi likaNkulunkulu liwele emhlabathini ovundile wenhliziyo ethu, Faka impande yalo phansi likhiqize kubobonke abafowethu, bonke abangcwele ngamakhulu amathathu, amakhulu ayisithupha, namakhulu ayikhulu.

Siyabonga Nkosi. Siyakubusisa, Amen, Amen.

[Khorasi]

S’yakubusisa
Siyakubonga
Uphakeme phakade
Somandla
Ungamandlethu
Sik’dumisa Phakade